Mtshengiseni gcwensa biography samples
Mtshengiseni Gcwensa
Umtshengiseni Gcwensa wazalwa ngo1972 ezalwa eMsinga kwa Majozi, Kwazulu. Ube esehola phambili iqembu Amageza Amahle. Uqale ngokuthi abengumculi wangasemuva kuMahawukela ngezikathi zaMatshitshi Amhlophe lapho ube back-ela amaqembu ahlukene kaMahawukela. Kuthe uma eseshona uMahawukela ngo-2001 base beqamba iqembu abalisungule ekunye noMgqumeni, bekungu 2003 unyaka abakhiphe i-album labo lokuqala ngokuhlanganyela. Iqembu bebelibiza ukuthi Amagcokama. Leliqembu likhiphe i-album eyodwa vho ababeyibiza ngokuthi "Ithe Bhuxe". Lisandlondlobala njalo iqembu kwase kuba nombangiswano lase lihlephuka phakathi. UGcwensa ube esephuma umuzi okungowakhe lapho ahambe kanye nensizwa ezimbili okungu Njencane Ngubane kanye noSbongiseni Mpondo Ntombela. Stand bezama ukukhangela inkampani abangaqopha kuyona,zabavalela ngaphandle eziningi baze badibana noSgxobo Mpungose wasebenzisana nabo bakhiphi album labo lokuqala. Bakiphe album labo lesibili elabakhela udumo olumangazayo lapho kunengoma eyisihloko ethi "Iphethe Ummese". Ube sewola izindondo ubuthaphu thaphu. Ubencomfana noMgqumeni njalo kuma album awakhiphayo. Ithe uma idlula emhlabeni imbangi yakhe ngo-2009 wase eqhubeka nokudlala ingoma awayeyincomfa kuyona basebemvala emicimbini kwaze kwafuneka ukuthi axolise. Sizokhumbula ukuthi ube wumculi wokuqala uwola indodo ezintathi kumncintiswano owodwa kumculo kamaskandi. Ngendlela abethandwa ngayo kuze kwadingeka ukuthi abahleli bemicimbi bavale ngaye icimbini ngoba uma ethe wacula kuqala uma ehamba kusala idlanzana labalandeli. Ugcwensa ubecula ehola phambili amageza amahle abuye abe ithwasa langempela abuye aba indidane aphinde akhiphe ezimbiza Umtshengiseni. Ubekipha kabili njalo enyakeni,ngoGood aphiinde akhiphe ngoDesemba. Ugule iskathi eside abaculi abaningi beneze bakhande amahlaya ngogula kwakhe,lonto ibingamthibazi nakancane ngoba ubeze acule ngako ukugula kwakhe. Ngezi 27 july 2015 sevuswa izindaba zokuthi usehambile emhlabeni.ushone esenizinqwaba zezindodo,ekhiphe ama album amaningi kabi. Iqembu amageza amahle lisale seliholwa owayengumculi wangasemuva uPotso ngobese obemkhonze kakhulu,ubuze umzwe elibiza kaningi igama lakhe ezingomeni zakhe.